Lapho umuntu ohola imali okumele idonswe intela kodwa ongaweli ngaphansi kwemithetho yokudonswa kwentela ye-SITE ne-PAYE. , kumele akhokhele intela yesikhashana yaleli ngeniso. Ukukhokhela intela yesikhashana , kwenziwa njalo ezinyangeni eziyisithupha.
Intela yesikhashana , inenhloso yokusiza abakhokhi-ntela ukuhlangabezana nezibopho zabo zentela, njalo kunokuthi balindele ukukhokha kanye ngonyaka lapho sekuhlolwe isimo sabo sezentela. Intela yesikhashana, ekhokhwayo isiza ukuphungula isamba sentela okumele sikhokhelwe ekupheleni konyaka wentela lapho sekuhlolwe ingeniso , okumele ikhokhwe ngumuntu kulowo nyaka.
Umuntu okumele akhokhele intela yesikhashana, kumele kuthi kungapheli izinsuku ezingu-30 ngemuva kokufaneleka ukukhokha, enze isicelo ngokubhala, ukuthi abhaliswe egatsheni eliseduzane naye lophiko lwabezentela iSouth African Revenue Services . Ukuhluleka ukubhalisa, kuzobangela ukuthi ukhokhiswe inzalo yentela kanye nama-penalty , lapho ukhokhe ngemuva kwesikhathi, kanye nenye intela ngenxa yokukhokha ngemuva kwesikhathi.
Usuku lokukhokha intela yesikhashana yesibili ngeke lwaba semuva kakhulu nosuku lokugcina lokwenzwa uhlolo lwezimali noma usuku oluvunyelwe lokuphela konyaka wezimali.
Lapho ukuphela konyaka wezimali ngoFebruwari kubanga ubunzima kwezezimali, nakhona kutholwe imvume evela kwa-SARS, ukufakela izitatimende zezimali ngosuku olwehlukile nolukaFebruwari, abantu abanjalo bangacela imvume yokufakela imibiko yentela yesikhashana ngokuhambisana nokuphela konyaka wezimali okwamukelekile. Zonke ezinye izimali ezingenayo kusafanele zibe sesikhathini sokuphela konyaka wohlolo lwezimali oluphela ngomhlaka-28/29 Februwari.
inani eliphelele lentela kunyaka ogcwele ususe intela ekhokhelwa abasebenzi ekhokhelwe unyaka ogcwele ususe umkhawulo ovunyelwe wezimali zentela yangaphandle yonyaka ogcwele kususwe inani elikhokhiwe lesikhathi sokuqala sonyaka.
Khokha ngokugcwalisa ifomu le-IRP 6 lenothisi yokukhokha, ngaphambi kosuku noma ngalolo suku okumele ukhokhe ngalo.
Khokha noma kuliphi ihhovisi legatsha le-SARS, NgoMsombuluko ukufikela kuLwesihlanu, phakathi kwesikhathi sika-08h00 ekuseni ukufikela ku-15h30 ntambama, ngaphandle kwezinsuku zamaholidi.
Lapho ukhokha ngeposi, noma ngokusebenzisa i-ATM, kumele ukhokhe kuseyisikhathi ukuze ifomu lakho lifike kusenesikhathi emahhovisi e-SARS.
Uma ukhokha ngendlela ye-elektroniki , kumele lokhu ukwenze ngesikhathi ukuze unike ibhangi lakho ithuba lokudlisela lemali kuseyisikhathi, kanye nesikhathi sokubheka ukuthi ngabe kunemali eyanele kwi-akhawunti yakho, ngoba lokhu kungathatha cishe izinsuku ezimbili ukuya kwezinhlanu.
inombolo yomthelo ethi uma iphelele ibe nezinombolwana eziyishumi neshiyagalolunye inombolo okuzokuthi uma lemali ingena iye kuyona, loku kusho iakhawunti ezokwemukela lemali engenayo.
Yonke imali ekhokhwayo ingavumelani noma ingahambelani naloku okulotshiwe ngaphezulu, ngokwenombolo yomthelo kanye nenombolo yeakhawunti emukelayo, ayingeke imukeleke.
Uma usuku lokugcina lokukhokha lufika kuyiholide noma kuyimpela-sonto, kufanele abantu bakhokhe ngosuku lokugcina lokusebenza olungaphambi kwe holide noma impela-sonto.
Umbiko wefomu le-IRP 6 kusikhathi sesibili, kumele uhambisane, ngisho noma ngokubala kwakho, ubona ukuthi ngeke kwaba nesidingo sokukhokhela intela yesikhashana.
Ukukhokhela intela yakho yesikhashana yesibili, kumele kwenziwe ngokubonelela isilinganiso sengeniso lentela okumele uyikhokhele , esilingana nenani langempela noma ngokubonelela ingeniso eliqondene qobo lwalowo nyaka okumele ukokhele intela yalo.
Kungamele ukhokhele enye intela engaphezulu uma isilinganiso sengeniso lakho singaphansi kuka-90% wengeniso langempela, kanti futhi lingaphansi kwenani okuyilo qobo.
Qinisekisa ukuthi amafomu e-IRP6 afakelwa ehhovisi legatsha elifanele le-SARS ngaphambi kokuba ukhokhe. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi isicelo sakho samukelwe kuseyisikhathi ukuze sibonelelwe, nakhona kungabi bikho isidingo sokuthi ujeziswe kanye nenzalo.
Iseluleko sokukhokhela ingxenye yentela kwifomu le-IRP6 manje isitholakala ekhasini elehlukile. Ngakho-ke, ungafakela umbiko wakho wentela eceleni hhayi lapho ukhokha.
Umnyango wezentela usungula I service standard ezokungeniswa eminyakeni emibili elandelayo.
Uma ucele omunye umuntu ukuthi akwelekelele ukufaka isaziso sakho sentela, kumqoka ukuthi wazise ihhovisi lomnyango wezentela kahulumeni. Loku kwenzalwa ukuvikela wean ukuze kuqinisekiswe ukuthi umnyango wezentela awukhiphi izimfihlo zakho eziqondene nawe kuphela.
Le nkonzo ayikhokhelwa.
Isaziso sokukhokha sihambisana nefomu lombiko wezimali le-IRP 6.
